Saturday 8 June 2019

OBSERVE HARMONY BETWEEN THE HEAVENS AND EARTH WHEN PLANTING - IMVUNGE PHAKATHI KWAMAZULU NOMHLABA


IMVUNGE PHAKATHI KWENSIMU NAMAZULU NELANGA NENYANGA
Sivame ukuhlela amasimu ngokulandela izikhathi ezithile enyakeni ezikhuthaza ukumila, ukukhula nokuvuna isivuno sekhethelo, nje ngezikhathi zezimvula ngekwindla njlnjl.
Kukhona abahlwanyela ngezikhathi zokuvela nokusithela kwenyanga noma unyezi emhlabeni. Kunezigaba ezine zokuvela nokusithela konyezi emhlabeni, lokhu sikubona ngenyanga evela izingcezu ezine njalo, okuthatha isikhathi sezinsuku eziwu 29. Ngalesisikhathi inyanga isuke izungeza umhlaba.
1. Esokuqala yinyanga entsha ewucezu oluncu oluthatha izinsuku eziwu 4. Ngalezizinsuku ezine amandla kamayibuthe amaningi avela enyangeni adonsa umswakama ekujuleni komhlaba. Lomswakama uza phezulu lapho sikwazi ukuhlwanyela khona, ngalesisikhathi kukhuthazwa ukuhlwanyela lezo ezithela ngaphezulu komhlabathi njengama kabishi nalezo embewu yazo itholakala ngaphakathi kwezithelo njengommbila, utamatisi njlnjl.
2. Esesibili kuthiwa yikota yokuqala lapho unyezi ubamkhulu kodwa inyanga ingagcwele. Ngalesisikhathi umhlaba usuke uphefumula ngoba inyanga isuke ingenamandla ngaphezu komhlaba loku kwenzeka izinsuku eziwu 11. Ngalesisikhathi sikhuthaza ukutshalwa kwalezo ezitshalwa kanye ngonyaka futhi yisikhathi esikhuthaza ukukhula kwamaqabunga ikakhulukazi lezo ezinamaqabunga adliwayo. Ungasisebenzisa lesisikhathi ukutshala izithombo ezintsha, wenze amagrafti ezitshalo ezintsha
3. Esesithathu sithatha izinsuku eziwu 3 lapho unyezi uvela enyangeni egcwele umhlaba usuke unamandla ngaphezu kwenyanga okuchaza ukuthi umhlaba umumethe umswakama omningi ofinyeleleka kahle ezimpandeni zezitshalo. Lesi yisikhathi sokutshala lezo ezithela ngezimpande njengeziqathe amazambane nalezo ezihlala milibe emhlabathini zilokhu zithela unyaka nonyaka njlnjl. Ngenxa yokuthi amandla amaningi asezimpandeni, ukukhula kwamaqabunga kuyancipha ngalesisikhathi yingakho nje kuyisikhathi esihle soku thena izihlahla nokuhlakula. Ngake ngazama ukuhlakula ngonyazi kodwa kwabamandla ubugwala….
4. Esesine yikota yokugcina ethatha izinsuku eziwu 11, lapho izitshalo ziphumula khona zilungiselela inyanga entsha ezayo. Yisikhathi sokuvuna lezo esezilungele ukuvunwa, ukusiphula ukhula ngoba lusuke lungenamadla okuqhumisa imbewu yalo.
Uma uzolandela ukutshala ngenyanga nonyezi kuyanconywa ukuthi ubuyekeze uhlelo lwakho lotshalomtshelekwano ngoba uzoqondisisa kahle izikhathi zokuhlwanyela ngezigaba osuke uklame insimu yakho ngakhona.

No comments:

Post a Comment