IMVUNGE
PHAKATHI KWENSIMU NAMAZULU NELANGA NENYANGA
Sivame ukuhlela amasimu ngokulandela izikhathi ezithile enyakeni
ezikhuthaza ukumila, ukukhula nokuvuna isivuno sekhethelo, nje ngezikhathi zezimvula
ngekwindla njlnjl.
Kukhona abahlwanyela ngezikhathi zokuvela nokusithela
kwenyanga noma unyezi emhlabeni. Kunezigaba ezine zokuvela nokusithela konyezi
emhlabeni, lokhu sikubona ngenyanga evela izingcezu ezine njalo, okuthatha
isikhathi sezinsuku eziwu 29. Ngalesisikhathi inyanga isuke izungeza umhlaba.
1. Esokuqala yinyanga entsha ewucezu oluncu oluthatha izinsuku
eziwu 4. Ngalezizinsuku ezine amandla kamayibuthe amaningi
avela enyangeni adonsa umswakama ekujuleni komhlaba. Lomswakama uza phezulu
lapho sikwazi ukuhlwanyela khona, ngalesisikhathi kukhuthazwa
ukuhlwanyela lezo ezithela ngaphezulu komhlabathi njengama kabishi nalezo
embewu yazo itholakala ngaphakathi kwezithelo njengommbila, utamatisi njlnjl.
2. Esesibili kuthiwa yikota yokuqala lapho unyezi ubamkhulu
kodwa inyanga ingagcwele. Ngalesisikhathi umhlaba usuke uphefumula ngoba
inyanga isuke ingenamandla ngaphezu komhlaba loku kwenzeka izinsuku
eziwu 11. Ngalesisikhathi sikhuthaza ukutshalwa kwalezo ezitshalwa
kanye ngonyaka futhi yisikhathi esikhuthaza ukukhula kwamaqabunga
ikakhulukazi lezo ezinamaqabunga adliwayo. Ungasisebenzisa lesisikhathi
ukutshala izithombo ezintsha, wenze amagrafti ezitshalo ezintsha
3. Esesithathu sithatha izinsuku eziwu 3 lapho
unyezi uvela enyangeni egcwele umhlaba usuke unamandla ngaphezu kwenyanga
okuchaza ukuthi umhlaba umumethe umswakama omningi ofinyeleleka kahle
ezimpandeni zezitshalo. Lesi yisikhathi sokutshala lezo ezithela ngezimpande
njengeziqathe amazambane nalezo ezihlala milibe emhlabathini zilokhu zithela
unyaka nonyaka njlnjl. Ngenxa yokuthi amandla amaningi
asezimpandeni, ukukhula kwamaqabunga kuyancipha ngalesisikhathi yingakho nje
kuyisikhathi esihle soku thena izihlahla nokuhlakula. Ngake ngazama ukuhlakula
ngonyazi kodwa kwabamandla ubugwala….
4. Esesine yikota yokugcina ethatha izinsuku
eziwu 11, lapho izitshalo ziphumula khona zilungiselela
inyanga entsha ezayo. Yisikhathi sokuvuna lezo esezilungele ukuvunwa,
ukusiphula ukhula ngoba lusuke lungenamadla okuqhumisa imbewu yalo.
Uma uzolandela ukutshala ngenyanga nonyezi kuyanconywa ukuthi ubuyekeze uhlelo
lwakho lotshalomtshelekwano ngoba uzoqondisisa kahle izikhathi zokuhlwanyela
ngezigaba osuke uklame insimu yakho ngakhona.